7. Kuyakuthi lapho besho kuwe ukuthi: ‘Ububulelani wena na?’ uthi: ‘Ngenxa yombiko, ngokuba lapho ufika, izinhliziyo zonke ziyakuphela amandla, izandla zonke zidangale, kuhlwe emimoyeni yonke, amadolo onke abe buthakathaka njengamanzi.’ Bheka, kuyeza, futhi kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.”
8. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
9. “Ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi, ithi: Thana:“ ‘Inkemba, inkemba iloliwe,futhi iphucuziwe.
10. Ilolelwe ukubulala nokubulala,iphucuziwe ukuba ibe njengonyazi.“ ‘Besiyakujabula na? Le ntonga, ndodana yami, idelela konke okomuthi.
11. “ ‘Uyinikele ukuphucuzwa ukuba ibanjwe ngesandla; yebo, isiloliwe inkemba, isiphucuziwe ukuba inikelwe esandleni sombulali.
12. Khala, uhhewule, ndodana yomuntu, ngokuba iyakuba phezu kwabantu bami, ibe phezu kwazo zonke izikhulu zakwa-Israyeli, zinikelwe enkembeni kanye nabantu bami; ngalokho shaya ithanga lakho.
13. “ ‘Sekuyalingwa; kunjani uma intonga edelela manje ayisayikubakho na? isho iNkosi uJehova.’
14. “Wena ndodana yomuntu, profetha, ushayanise izandla, inkemba iphindwe kathathu, ibe ngeyababulawayo nenkemba yokubulawa komkhulu, ibahaqe.
15. Ukuba izinhliziyo zabo ziphele amandla, nezikhubekiso zabo zande, ngiyakubeka inkemba ekhazimulayo kuwo onke amasango abo; awu, yenziwe njengonyazi, ihoshelwe ukubulala!
16. Nquma ngakwesokunene, usukele ngakwesokhohlo, lapho ubuso bakho bubheka khona.
17. Ngiyakushayanisa izandla zami, ngiphumuze ukufutheka kwami; mina Jehova ngikhulumile.”
18. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
19. “Wena ndodana yomuntu, zibekele izindlela ezimbili zokufika kwenkemba yenkosi yaseBabele, zombili ziphume ezweni linye, wenze isiqondiso sendlela, usibeke engosini yezindlela zomuzi.
20. Misa indlela yokufika kwenkemba eRaba labantwana bakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo.
21. Ngokuba inkosi yaseBabele isimi egumbini lezindlela engosini yezindlela zombili ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi,* ibheka esibindini.
22. Kwesokunene sayo kukhona inkatho iJerusalema ukuba kubekwe izinqama zokungqubuza, kuvulwe umlomo ngokumemeza, kuphakanyiswe izwi ngokukhala, ukuze kubekwe izinqama zokungqubuza emasangweni, kunqwatshelwe amaduli, kwakhiwe izinqaba.
23. Kukubo njengokubhula kwamanga emehlweni abo, njengalokhu bekhona abafunge izifungo kubo. Kepha iyakhumbuza ukona, ukuze babanjwe.
24. “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngokuba nikhumbuzile ukona kwenu ekwambulweni kwezeqo zenu, ukuze izono zenu zibonakale kuzo zonke izenzo zenu, yebo, ngokuba senikhunjulwa, niyakubanjwa ngesandla.