Uhezekeli 21:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. “ ‘Sekuyalingwa; kunjani uma intonga edelela manje ayisayikubakho na? isho iNkosi uJehova.’

14. “Wena ndodana yomuntu, profetha, ushayanise izandla, inkemba iphindwe kathathu, ibe ngeyababulawayo nenkemba yokubulawa komkhulu, ibahaqe.

15. Ukuba izinhliziyo zabo ziphele amandla, nezikhubekiso zabo zande, ngiyakubeka inkemba ekhazimulayo kuwo onke amasango abo; awu, yenziwe njengonyazi, ihoshelwe ukubulala!

16. Nquma ngakwesokunene, usukele ngakwesokhohlo, lapho ubuso bakho bubheka khona.

17. Ngiyakushayanisa izandla zami, ngiphumuze ukufutheka kwami; mina Jehova ngikhulumile.”

Uhezekeli 21