22. Nokho ngabuyisa isandla sami, ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo.
23. Futhi ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngibahlakazele phakathi kwezizwe, ngibasabalalisele emazweni,
24. ngenxa yokuba bengenzanga izahlulelo zami, belahla izimiso zami, bewona amasabatha ami, amehlo abo elandela izithombe zawoyise.
25. Nami ngabanika izimiso ezazingezinhle nezahlulelo ababengayikuphila ngazo.
26. Ngabangcolisa eminikelweni yabo ngokudabulisa emlilweni konke okuvula izizalo, ukuze ngibachithe, bazi ukuthi nginguJehova.’