Uhezekeli 19:8-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Izizwe zase zilihlelela nxazonke,zivela emazweni,zeneka phezu kwalo inetha,labanjwa emgodini wazo.

9. Zalifaka endlwaneni evaliweyo ngezingwegwe,zaliyisa enkosini yaseBabele,zalingenisa ezinqabeniukuba izwi lalo lingabe lisezwakala ezintabeni zakwa-Israyeli.

10. “ ‘Unyoko wayenjengomvini,usahlezi ngokuthula,utshalwe ngasemanzini;wawunezithelo namahlumela ngenxa yamanzi amaningi.

11. Wawunezingatsha ezinamandla ezaba yizintonga zababusayo;isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamaqabunga amaningi,waze wabonakala phezulu phakathi kwamahlumela awo amaningi.

12. Kepha wasishulwa ngokufutheka,waphonselwa phansi,umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo;isiqu sawo esiqinileyo saphulwa,sabuna, umlilo wasiqeda.

13. Manje usutshaliwe ehlane ezweni elishileyo nelomileyo.

14. Umlilo uphumile esiqwini sawo,wadla amagatsha awo nezithelo zawo,kwaze kwangabe kusaba khona kuwo igatsha eliqinileyo,nantonga yokubusa.’Lokhu kuyisililo; makube yisililo.”

Uhezekeli 19