Uhezekeli 18:9-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. ehamba ngezimiso zami, egcina izahlulelo zami ukuba enze iqiniso, ulungile, uyakuphila nokuphila, isho iNkosi uJehova.

10. “Uma ezala indodana engumphangi nomchithi wegazi, ikwenza okunye kwalokho,

11. yena engakwenzanga kodwa: Idla ezintabeni, ingcolisa umkamakhelwane wayo,

12. icindezela abampofu nabaswelayo, iphanga nokuphanga, ingabuyisi isibambiso, iphakamisa amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso;

13. inika ngenzalo, yamukela inzuzo. Iyakuphila na? Cha, ayiyikuphila. Yenzile zonke lezi zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.

Uhezekeli 18