Uhezekeli 18:5-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. “Kepha uma umuntu olungileyo enza ukwahlulela nokulunga,

6. engadli ezintabeni, engaphakamisi amehlo akhe ezithombeni zendlu yakwa-Israyeli, engangcolisi umkamakhelwane wakhe, engasondeli kowesifazane ekungcoleni kwakhe;

7. engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha enika abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu izingubo;

8. enganiki ngenzalo, engamukeli inzuzo, ebuyisa isandla sakhe ebubini, enza ukwahlulela okuqinisileyo phakathi komuntu nomuntu;

9. ehamba ngezimiso zami, egcina izahlulelo zami ukuba enze iqiniso, ulungile, uyakuphila nokuphila, isho iNkosi uJehova.

10. “Uma ezala indodana engumphangi nomchithi wegazi, ikwenza okunye kwalokho,

11. yena engakwenzanga kodwa: Idla ezintabeni, ingcolisa umkamakhelwane wayo,

12. icindezela abampofu nabaswelayo, iphanga nokuphanga, ingabuyisi isibambiso, iphakamisa amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso;

13. inika ngenzalo, yamukela inzuzo. Iyakuphila na? Cha, ayiyikuphila. Yenzile zonke lezi zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.

14. “Bheka, uma ezala indodana ebona zonke izono zikayise azenzileyo, ibone ingenzi njengazo:

15. Ingadli ezintabeni, ingaphakamisi amehlo ayo ezithombeni zendlu yakwa-Israyeli, ingangcolisi umkamakhelwane wayo;

16. ingacindezeli muntu, ingamukeli isibambiso, ingaphangi nokuphanga, kepha inika abampofu isinkwa sayo, yembathisa abanqunu izingubo.

Uhezekeli 18