13. inika ngenzalo, yamukela inzuzo. Iyakuphila na? Cha, ayiyikuphila. Yenzile zonke lezi zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.
14. “Bheka, uma ezala indodana ebona zonke izono zikayise azenzileyo, ibone ingenzi njengazo:
15. Ingadli ezintabeni, ingaphakamisi amehlo ayo ezithombeni zendlu yakwa-Israyeli, ingangcolisi umkamakhelwane wayo;
16. ingacindezeli muntu, ingamukeli isibambiso, ingaphangi nokuphanga, kepha inika abampofu isinkwa sayo, yembathisa abanqunu izingubo.
17. Ibuyisa isandla sayo kwabampofu, ingamukeli inzalo nenzuzo, yenza izahlulelo zami, ihamba ngezimiso zami. Yona ayiyikufa ngokona kukayise, iyakuphila nokuphila.
18. Uyise, ngokuba wacindezela nokucindezela, waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungekuhle phakathi kwabantu bakhe, bheka, yena uyakufa ngokona kwakhe.
19. “Kepha nithi: ‘Indodana ayithwali ngani ukona kukayise na?’ Indodana isikwenzile ukwahlulela nokulunga, yagcina zonke izimiso zami, yazenza, iyakuphila nokuphila.
20. Umphefumulo owonayo uyakufa; indodana ayiyikuthwala ukona kukayise, uyise angathwali ukona kwendodana; ukulunga kolungileyo kuyakuba phezu kwakhe, nobubi bomubi buyakuba phezu kwakhe.
21. “Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.
22. Iziphambeko zakhe, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulelwa kuye, aphile ngokulunga akwenzileyo.
23. Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?
24. “Kepha lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqe ngazo nasezonweni one ngazo.
25. “Kodwa nithi: ‘Indlela yeNkosi ayilingani.’ Yizwani nina ndlu yakwa-Israyeli: Indlela yami ayilingani na? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?
26. Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, uyakufa ngakho, afe ngenxa yokubi akwenzileyo.
27. Lapho omubi ephenduka ebubini bakhe abenzileyo, enze ukwahlulela nokulunga, uyakusindisa umphefumulo wakhe.
28. Ngokuba ebona, abuye ezeqweni zakhe zonke azenzileyo, uyakuphila nokuphila, angafi.
29. Kepha indlu yakwa-Israyeli ithi: ‘Indlela yeNkosi ayilingani.’ Wena ndlu yakwa-Israyeli, izindlela zami azilingani na? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?
30. “Ngalokho ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.