Uhezekeli 16:9-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. “ ‘Ngakugeza ngamanzi, ngahlanzisisa igazi lakho kuwe, ngakugcoba ngamafutha.

10. Ngakwembathisa imifekethiso, ngakufaka izicathulo zesikhumba samatahasi,* ngakubhincisa ilineni elicolekileyo, ngakusibekela ngosilika.*

11. Ngakuvunulisa ngezivunulo, ngafaka amasongo ezandleni zakho nomnaka entanyeni yakho.

12. Ngafaka icici emakhaleni akho, namagenqeza ezindlebeni zakho, nomqhele omuhle ekhanda lakho.

13. Wawusuhlotshisiwe ngegolide nangesiliva, isambatho sakho sasiyileneni elicolekileyo, nosilika*, nemifekethiso; wadla impuphu ecolekileyo, nezinyosi, namafutha; wawumuhle kakhulu impela, wahlahlamela, waze wathola ubukhosikazi.

14. Igama lakho laphumela ezizweni ngobuhle bakho, ngokuba laliphelele ngemihlobiso engangiyibeke kuwe, isho iNkosi uJehova.

15. “ ‘Kepha wethemba ebuhleni bakho, wafebela igama lakho, wathululela bonke abadlulayo ubufebe bakho, baba ngobakhe.

16. Wathatha ezingutsheni zakho, wazenzela izindawo eziphakemeyo ezingamagqabhagqabha, wafeba kuzo, okungazange kwenzeke nokungasoze kwenziwa.

17. Wathatha izinto zakho ezinhle, egolideni lami nasesiliveni lami engangikunike khona, wazenzela izithombe zabesilisa, wafeba nazo.

18. Wathatha izingubo zakho ezifekethisiweyo, wazisibekela, wabeka amafutha ami nempepho yami phambi kwazo.

19. Nesinkwa sami engangikunike sona, impuphu ecolekileyo, namafutha, nezinyosi engangikudlise khona, wakubeka phambi kwazo, kwaba yiphunga elimnandi; kwaba njalo, isho iNkosi uJehova.

20. “ ‘Wawathatha amadodana akho namadodakazi akho owangizalela wona, wawahlabela zona ukuba adliwe. Babubuncane ubufebe bakho

21. ukuba ubulale abantwana bami, unikele ngabo kuzo ngokubadabulisa emlilweni, na?

22. Kuzo zonke izinengiso zakho nakubo bonke ubufebe bakho awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, lapho wawunqunu, wawuze, wangqasha egazini lakho.

23. “ ‘Kwathi emva kwabo bonke ububi bakho -- maye, maye kuwe! isho iNkosi uJehova --

24. wazakhela iqhugwane, wazenzela indawo ephakemeyo ezigcawini zonke.

Uhezekeli 16