Uhezekeli 16:60-63 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

60. Kepha mina ngiyakusikhumbula isivumelwano sami nawe ebusheni bakho, ngikumisele isivumelwano esiphakade.

61. Usuyakuzikhumbula izindlela zakho, ujabhe, lapho uyakubamukela odadewenu, omkhulu nomncane, ngikunike wona abe ngamadodakazi, kungabi ngesivumelwano sakho kodwa.

62. Sengiyakumisa isivumelwano sami nawe, wazi ukuthi nginguJehova

63. ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usavula umlomo wakho ngenxa yehlazo lakho, lapho ngikuthethelele konke okwenzileyo, isho iNkosi uJehova.’ ”

Uhezekeli 16