Uhezekeli 16:48-54 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

48. Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, iSodoma udadewenu alenzanga lona namadodakazi alo njengalokho wenzile wena namadodakazi akho.

49. “ ‘Bheka, nakhu ukona kukadadewenu iSodoma; ukuzidla, nokusutha ukudla, nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakuwo amadodakazi alo, kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.

50. Babeziphakamisa, benza izinengiso phambi kwami; ngase ngibasusa njengokubona kwami.

51. ISamariya alenzanga inxenye yezono zakho; kepha wandisile izinengiso zakho kunabo, wathetha odadewenu ngazo zonke izinengiso ozenzileyo.

52. Thwala wena ihlazo lakho, lokhu wathetha odadewenu; ngezono zakho ozenzileyo ezinengekayo balungile kunawe; yebo, mawujabhe, uthwale ihlazo lakho ngokuthetha odadewenu.

53. “ ‘Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabo, ukuthunjwa kweSodoma nokwamadodakazi alo, nokuthunjwa kweSamariya nokwamadodakazi alo, nokuthunjwa kwabathunjwa bakho phakathi kwawo

54. ukuba uthwale ihlazo lakho, ujabhe ngenxa yakho konke okwenzileyo, ube yinduduzo kubo.

Uhezekeli 16