Uhezekeli 16:26-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Wafeba nabaseGibithe, abakhelwane bakho, abanyama inkulu, wandisa ubufebe ukungicunula.

27. Bheka, ngase ngelulela isandla sami kuwe, nganciphisa ukudla owakunqunyelwayo, ngakunikela entandweni yabakuzondayo, amadodakazi amaFilisti, ayenamahloni ngendlela yakho yokukhanuka.

28. Wafeba nama-Asiriya ngokuba wawungakadeli; yebo wafeba nawo, kepha namanje wawungakadeli.

29. Wandisa ubufebe bakho kuze kubesezweni labathengi, iKalideya, kepha nangalokho awudelanga.

30. “ ‘Yeka ubuthakathaka benhliziyo yakho, isho iNkosi uJehova, lokhu wenza zonke lezi zinto, izenzo zowesifazane oyisifebe esingazibambiyo.

31. Wakha iqhugwane lakho ezingosini zezitaladi, wenza indawo yakho ephakemeyo kuzo zonke izigcawu, ungaba nganjengezifebe ngokudelela inkokhelo,

32. wena mfazi ophingayo, othatha abafokazi esikhundleni sendoda yakhe.

33. Zonke izifebe ziphiwa imivuzo, kepha wena unika zonke izithandwa zakho imivuzo, uziqashe ukuba zifike kuwe nxazonke ekufebeni kwakho.

34. Wahlukene nabanye abesifazane ekufebeni kwakho ngalokho ukuthi akakho olandela wena ukuyofeba; ngokunika kwakho imivuzo, ungaphiwa imivuzo kodwa wena, ngalokho wahlukene.

35. “ ‘Ngalokho yizwa, sifebe, izwi likaJehova.

36. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba uthululile amahloni akho, nobunqunu bakho bambulwa ngobufebe bakho nezithandwa zakho, nangenxa yazo zonke izithombe zezinengiso zakho, nangegazi labantwana bakho owabanika lona,

37. ngalokho bheka, ngiyakubutha zonke izithandwa zakho ozenamisile nazo, nazo zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo, ngizibuthe ngakuwe zivela nxazonke, ngizambulele ubunqunu bakho ukuba zibone bonke ubunqunu bakho.

38. Ngiyakukwahlulela ngesahlulelo seziphingikazi nesabachithi begazi, ngehlisele phezu kwakho igazi lokufutheka nomhawu.

Uhezekeli 16