Uhezekeli 16:11-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ngakuvunulisa ngezivunulo, ngafaka amasongo ezandleni zakho nomnaka entanyeni yakho.

12. Ngafaka icici emakhaleni akho, namagenqeza ezindlebeni zakho, nomqhele omuhle ekhanda lakho.

13. Wawusuhlotshisiwe ngegolide nangesiliva, isambatho sakho sasiyileneni elicolekileyo, nosilika*, nemifekethiso; wadla impuphu ecolekileyo, nezinyosi, namafutha; wawumuhle kakhulu impela, wahlahlamela, waze wathola ubukhosikazi.

14. Igama lakho laphumela ezizweni ngobuhle bakho, ngokuba laliphelele ngemihlobiso engangiyibeke kuwe, isho iNkosi uJehova.

15. “ ‘Kepha wethemba ebuhleni bakho, wafebela igama lakho, wathululela bonke abadlulayo ubufebe bakho, baba ngobakhe.

Uhezekeli 16