Uhezekeli 16:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

2. “Ndodana yomuntu, yazisa iJerusalema izinengiso zalo,

3. uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova kulo iJerusalema, ithi: Ukudabuka kwakho nokuzalwa kwakho kungokwezwe laseKhanani; uyihlo wayengumAmori, nonyoko wayengumHetikazi.

4. Ekuzalweni kwakho inkaba yakho ayinqunywanga ngosuku lokuzalwa kwakho, awugezwanga ngamanzi ukuba uhlambuluke, awuhlikihlwanga nakanye ngosawoti, awusongwanga nokusongwa.

5. Awuhawukelwanga yiso ukuba kwenziwe lokhu kuwe, uphathwe ngobubele, kepha waphonswa endle, lokhu wanengeka ngosuku lokuzalwa kwakho.

6. “ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona ungqasha egazini lakho, ngathi kuwe: Wena osegazini lakho: “Phila!” yebo, ngathi kuwe, wena osegazini lakho: “Phila!”

7. Wande njengehlumela lasendle; wanda, wakhula, wabukeka nokubukeka; amabele akho aphuhla, izinwele zakho zazimilile, kepha wawunqunu, wawuze.

Uhezekeli 16