Uhezekeli 12:11-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Thana: ‘Ngiyisibonakaliso senu;’ njengalokho ngenzile, kuyakwenziwa kanjalo kubo; bayakuya ekuthunjweni, baboshwe.

12. “Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuthwala ehlombe sekumnyama, siphume, bagebhule ogangeni ukuba bakhiphe khona, sisibekele usubo baso, ngokuba asiyikubona izwe ngamehlo aso.

13. Ngiyakuleneka inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami; ngiyakusiyisa eBabele ezweni lamaKaledi. Kepha asiyikulibona, noma sifela khona.

14. Bonke abasizungezayo ukusisiza namaviyo aso ngiyakubahlakazela kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.

15. “Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.

16. Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni, nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova.”

17. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

18. “Ndodana yomuntu, yidla isinkwa sakho ngokuqhaqhazela, uphuze amanzi akho ngokuthuthumela nangokwesaba,

19. uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa-Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa, laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.

20. Imizi ehlalwayo iyakuchithwa, izwe libe yincithakalo, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”

21. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

22. “Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: ‘Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile,’ na?

23. Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza ukuba siphele leso saga, bangabe besafanisa ngaso kwa-Israyeli,’ kepha khuluma kubo ngokuthi: ‘Izinsuku sezisondele nokugcwaliseka kwemibono yonke.

24. Ngokuba akusayikuba khona umbono oyize nokubhula okuthophayo endlini yakwa-Israyeli.

25. Ngokuba mina Jehova ngiyakukhuluma izwi engiyakulikhuluma, lenzeke, lingabe lisalitshaziswa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova.’ ”

26. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

Uhezekeli 12