1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2. “Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa, abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
3. “Wena ndodana yomuntu, zenzele impahla yokuhamba, usuke emini emehlweni abo, umuke endaweni yakho emehlweni abo, uye kwenye; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.
4. Uyakukhipha impahla yakho emini emehlweni abo njengempahla yokuhamba, wena uphume kusihlwa emehlweni abo njengokuphuma ukuya ekuthunjweni.