Uhezekeli 10:7-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ikherubi lelulela isandla salo liphakathi kwamakherubi kuwo umlilo owawuphakathi kwamakherubi, lawuthatha, lawubeka ezandleni zakhe owembethe ilineni; wawuthatha, waphuma.

8. Kwabonakala kuwo amakherubi isimo sesandla somuntu phansi kwamaphiko awo.

9. Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi, elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe.*

10. Kungathi omane ayenesimo sinye, njengalokho kwakukhona isondo phakathi kwesondo.

11. Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine, awaphendukanga ekuhambeni kwawo, kepha lapho ikhanda lalibhekisa khona alilandela; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.

12. Wonke umzimba wawo, nemihlane yawo, nezandla zawo, namaphiko awo, namasondo kwakugcwele amehlo nxazonke; yebo, amasondo lawa omane ayenawo.

13. Amasondo ayebizwa ezindlebeni zami ngokuthi ayingilizayo.

14. Yilelo nalelo lalinobuso obune; ubuso bokuqala babungubuso bekherubi, ubuso besibili babungubuso bomuntu, obesithathu babungubuso bengonyama, nobesine babungubuso bokhozi.

15. Amakherubi aziphakamisa; yilezi zidalwa engazibona ngasemfuleni iKhebari.

16. Ekuhambeni kwamakherubi amasondo ahamba eceleni kwawo, nalapho amakherubi ephakamisa amaphiko awo ukwenyuka emhlabathini, amasondo awaphendukanga eceleni kwawo.

Uhezekeli 10