Uhezekeli 10:10-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Kungathi omane ayenesimo sinye, njengalokho kwakukhona isondo phakathi kwesondo.

11. Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine, awaphendukanga ekuhambeni kwawo, kepha lapho ikhanda lalibhekisa khona alilandela; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.

12. Wonke umzimba wawo, nemihlane yawo, nezandla zawo, namaphiko awo, namasondo kwakugcwele amehlo nxazonke; yebo, amasondo lawa omane ayenawo.

13. Amasondo ayebizwa ezindlebeni zami ngokuthi ayingilizayo.

Uhezekeli 10