Uhezekeli 1:8-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Zazinezandla zomuntu phansi kwamaphiko azo ezinhlangothini zazo zozine. Ubuso namaphiko alezi ezine kwakunje:

9. amaphiko azo ayehlangene, elinye nelinye; aziphendukanga ekuhambeni kwazo, yileso naleso sahamba ngokuqonda kobuso baso.

10. Isimo sobuso bazo sasingubuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, zozine zinobuso benkomo ngakwesokhohlo, zozine zinobuso bokhozi futhi.

11. Babunjalo ubuso bazo. Amaphiko azo ayahlukene phezulu; kuleso naleso amabili ayehlangene, elinye nelinye; amabili ayembesa imizimba yazo.

12. Zahamba zonke ngokuqonda kobuso bazo, zaya khona, lapho umoya wayethanda ukuya khona, aziphendukanga ekuhambeni kwazo.

13. Isimo sezidalwa sasinjengamalahle omlilo avutha njengezibani, ahambahamba phakathi kwezidalwa; umlilo wamenyezela, nasemlilweni kwaphuma unyazi.

14. Izidalwa zagijima, zabuya njengombani.

15. Ngisabuka izidalwa, bheka, nanto isondo emhlabathini eceleni kwezidalwa, kuleso naleso sazo zozine.

16. Ukubonakala kwamasondo nokwenziwa kwawo kwakunjengekrisolithe,* nezimo zawo omane zaziyintonye. Ukubonakala kwawo nokwenziwa kwawo kwakunjengokuba kukhona isondo phakathi kwesondo.

17. Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.

18. Amafelange* awo ayephakeme, ayesabeka; amafelange omane ayegcwele amehlo nxazonke.

19. Ekuhambeni kwezidalwa amasondo ahamba eceleni kwazo, nasekuphakanyisweni kwezidalwa emhlabeni namasondo aphakanyiswa.

20. Lapho umoya wayethanda ukuya khona, aya khona, yebo, lapho umoya wayethanda khona; namasondo aphakanyiswa kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni.

21. Ekuhambeni kwazo nawo ahamba; ekumeni kwazo nawo ema; ekuphakanyisweni kwazo emhlabeni aphakanyiswa namasondo kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni.

22. Phezu kwamakhanda ezidalwa kwakukhona kungathi umkhathi unjengekristalu* elimangalisayo, owenekwe phezu kwamakhanda azo phezulu.

23. Phansi komkhathi amaphiko azo ayeqondene, elinye nelinye, yileso naleso sinamabili embesa imizimba yazo ngalapha, sinamabili embesa ngalapha.

24. Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla, nomsindo wesidumo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.

Uhezekeli 1