5. ‘Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.’
6. “Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Kusezakuba yisikhashana nje ngizamazamisa amazulu nomhlaba, nolwandle, nomhlabathi owomileyo,
7. ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,’ usho uJehova Sebawoti.
8. ‘Ngelami isiliva, ngelami igolide,’ usho uJehova Sebawoti.
9. ‘Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala,’ usho uJehova Sebawoti, ‘nginike ukuthula kule ndawo,’ usho uJehova Sebawoti.”
10. Ngolwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuHagayi umprofethi, lathi:
11. “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake ubabuze abapristi ngomthetho, uthi:
12. Uma umuntu ephethe inyama engcwele emphethweni wengubo yakhe, ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla, noma iwayini, noma amafutha, noma yikuphi ukudla, kuyakuba ngcwele na?’ ”Abapristi baphendula bathi: “Qha.”
13. Wayesethi uHagayi: “Uma ongcolile ngesidumbu ethinta noma yikuphi kulokhu, kuyakungcola na?”Abapristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.”
14. Wayesethatha uHagayi, wathi: “ ‘Banjalo laba bantu, sinjalo lesi sizwe ngaphambi kwami,’ usho uJehova; ‘injalo futhi yonke imisebenzi yezandla zabo; nalokhu abakusondeza khona kungcolile.
15. “ ‘Ake nibeke ezinhliziyweni zenu manje, kusukela kulolu suku nangaphambili, ukuthi kungakabekwa itshe phezu kwetshe ethempelini likaJehova,
16. kusukela kulezo, lapho kwayiwa enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakuyishumi nje, nalapho kwayiwa ezikhamweni zewayini ukukha izitsha ezingamashumi ayisihlanu, kwakungamashumi amabili nje.