1. Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngokuthi:
2. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Laba bantu bathi: ‘Akukabi yisikhathi sokuza, isikhathi sokwakha indlu kaJehova.’ ”
3. Kwase kufika izwi likaJehova ngoHagayi umprofethi, lathi:
4. “Kuyisikhathi sokuba nihlale ezindlini zenu ezembesiweyo, le ndlu iseyize, na?”
5. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.
6. Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”
7. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.
8. Khuphukelani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuyenamela, ngikhazimuliswe,” usho uJehova.
9. “Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na?” usho uJehova Sebawoti. “Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe.
10. Ngalokho izulu livinjelwe kungabe kusabakho mazolo, nomhlaba uvinjelwe ungabe usaba nazithelo.
11. Ngase ngibiza ukoma phezu kwezwe, naphezu kwezintaba, naphezu kwamabele, naphezu kwewayini elisha, naphezu kwamafutha, naphezu kokuvezwa ngumhlaba, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwayo yonke imisebenzi yezandla.”