12. Udabula umhlaba ngokuthukuthela,ubhula izizwe ngolaka.
13. Uphumela ukusindiswa kwabantu bakho,yebo, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho;uphohloza uphahla endlini yababi,wambula isisekelo kuze kube sentanyeni. Sela*
14. Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imicibisholo,lapho besondela njengesivunguvungu ukungihlakaza,bejabula njengabayakudla ompofu ngasese.
15. Unyathela ulwandle ngamahhashi akho,inqaba yamanzi amaningi.
16. Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami,izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo;ukubola kungena emathanjeni ami,ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona,ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhuokuyakucindezela abantu.
17. Noma umkhiwane ungakhahleli,kungabikho izithelo emvinini,umsebenzi womnqumo uphuthe,amasimu angavezi ukudla,izimvu zinqunywe esibayeni,kungabikho nkomo ezibayeni,