Uhabakuki 2:2-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. UJehova wangiphendula wathi:“Wulobe umbono,uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula.

3. Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo;uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa;noma ulibala, wulindele,ngokuba uyakufika nokufika,awuyikwephuza.

4. “Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,awuqotho phakathi kwakhe,kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.

5. Yebo, iwayini liyakhohlisa,lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma,owandisa ukufisa kwakhe njengendawo yabafileyo;unjengokufa: akasuthi;uyazibuthela zonke izizwe,uziqoqela bonke abantu.

6. “Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye, bathi:“ ‘Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhekoze kube nini na? --nozisindisa ngezibambiso!’

7. Abayikuvuka ngokuzumayo abakulumayo,bavuke abakuthuthumelisayo,ube yimpango yabo, na?

Uhabakuki 2