1. Ngiyakuma endaweni yami yokulinda,ngigcule enqabeni,ngikhangele ukubona ukuthi uyakukhulumani kiminokuthi ngiyakuphendulani ngokusola kwami.
2. UJehova wangiphendula wathi:“Wulobe umbono,uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula.
3. Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo;uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa;noma ulibala, wulindele,ngokuba uyakufika nokufika,awuyikwephuza.
4. “Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,awuqotho phakathi kwakhe,kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.
5. Yebo, iwayini liyakhohlisa,lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma,owandisa ukufisa kwakhe njengendawo yabafileyo;unjengokufa: akasuthi;uyazibuthela zonke izizwe,uziqoqela bonke abantu.
6. “Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye, bathi:“ ‘Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhekoze kube nini na? --nozisindisa ngezibambiso!’
7. Abayikuvuka ngokuzumayo abakulumayo,bavuke abakuthuthumelisayo,ube yimpango yabo, na?
8. Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi,bonke abanye abantu bayakuphanga wena,ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni,nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.