14. Kuyakuthi lapho ngiqoqa amafu phezu komhlaba, uthingo lubonakale emafwini.
15. Khona ngiyakukhumbula isivumelwano esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; amanzi awasayikuba nguzamcolo wokuchitha inyama yonke.
16. Uthingo luyakuba semafwini; ngizakulubheka, ngikhumbule isivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke emhlabeni.”
17. UNkulunkulu wathi kuNowa: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenzile phakathi kwami nayo yonke inyama esemhlabeni.”
18. Amadodana kaNowa aphuma emkhunjini ayengoShemi, noHamu, noJafete; uHamu wayenguyise kaKhanani.
19. Yilawo amadodana amathathu kaNowa; umhlaba wonke wagcwaliswa ngabavela kuwo.