Ugenesise 9:11-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ngizakumisa isivumelwano sami nawe; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.”

12. UNkulunkulu wathi: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani kuze kube sezizukulwaneni zaphakade:

13. ngizakumisa uthingo lwami emafwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.

14. Kuyakuthi lapho ngiqoqa amafu phezu komhlaba, uthingo lubonakale emafwini.

Ugenesise 9