Ugenesise 8:6-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile.

7. Wathuma igwababa, lazulazula njalo, aze asha amanzi emhlabeni.

8. Wayesethuma ijuba ukubona ukuba amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba.

9. Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesebusweni bomhlaba wonke; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini.

10. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ujuba emkhunjini.

11. Ijuba lafika kuye ngakusihlwa; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni.

12. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba; alabe lisabuyela kuye.

13. Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emhlabeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile.

14. Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba wawusomile.

15. UNkulunkulu wakhuluma kuNowa, wathi:

16. “Phuma emkhunjini, wena nomkakho, namadodana akho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.

17. Phuma kanye nezilwane zonke eziphilayo zenyama yonke, izinyoni, nezinkomo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, zichume emhlabeni, zizale, zande emhlabeni.”

18. Wayesephuma uNowa namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye.

Ugenesise 8