5. Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi. Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala.
6. Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile.
7. Wathuma igwababa, lazulazula njalo, aze asha amanzi emhlabeni.
8. Wayesethuma ijuba ukubona ukuba amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba.
9. Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesebusweni bomhlaba wonke; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini.
10. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ujuba emkhunjini.