9. U-Enoshe wahamba iminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye, wazala uKhenani.
10. Emva kokuzalwa kukaKhenani u-Enoshe wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili neshumi nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi.
11. Zonke izinsuku zika-Enoshe zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.
12. UKhenani wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala uMahalalele.
13. Emva kokuzalwa kukaMahalalele uKhenani wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane, wazala amadodana namadodakazi.
14. Zonke izinsuku zikaKhenani zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi; wayesefa.