27. Zonke izinsuku zikaMetushela zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nesishiyagalolunye; wayesefa.
28. ULameka wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala indodana.
29. Waqamba igama layo ngokuthi uNowa, ethi: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.”