Ugenesise 5:27-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Zonke izinsuku zikaMetushela zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nesishiyagalolunye; wayesefa.

28. ULameka wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala indodana.

29. Waqamba igama layo ngokuthi uNowa, ethi: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.”

Ugenesise 5