19. “UGadi, iviyo liyakumcindezela,kepha yena uyakucindezela isithende salo.
20. “Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe;uyakuveza isilovela samakhosi.
21. UNafetali uyindluzelekazi ethukululekileyo;uveza amazwi amnandi.
22. “UJosefa uyingatsha entsha ethelayo,ingatsha ethela ngasemthonjeni;amagatsha akhe akhwela odongeni.
23. Abacibishelayo bayamkhathaza,bayamdubula, bayamzingela;
24. kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile;amandla ezandla zakhe aqiniswangezandla zoMninimandla kaJakobe,okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli,
25. ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza,ngoSomandla ozakukubusisangezibusiso zasezulwini phezulu,nangezibusiso zasotweni olukhona phansi,nangezibusiso zamabele nezesizalo.
26. Izibusiso zikayihlo zinamandlakunezibusiso zawokhokho bami,kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo;ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade,nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.
27. “UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo;ekuseni uyadla impango,kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.”
28. Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.