11. Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Ngangingacabanganga ukuthi ngizakubona ubuso bakho; bheka, uNkulunkulu ungibonise nenzalo yakho.”
12. UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.
13. UJosefa wayesebathatha bobabili, u-Efrayimi ngesokunene, engakwesokhohlo sika-Israyeli, noManase ngesokhohlo, engakwesokunene sika-Israyeli, wabasondeza kuye.
14. U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.
15. Wambusisa uJosefa, wathi:“UNkulunkulu abahamba ebusweni bakheobaba o-Abrahama no-Isaka,uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwamikuze kube namuhla,
16. ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana;mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka;mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”
17. Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.
18. Wayesethi uJosefa kuyise: “Kungabi njalo, ngokuba lo uyizibulo; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.”
19. Kepha uyise wala, wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.”