14. Amadodana kaZebuloni: ngoSeredi, no-Eloni, noJaleli.
15. Yilawo angamadodana kaLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu kanye noDina indodakazi yakhe; yonke imiphefumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu.
16. Amadodana kaGadi: ngoSifijoni, noHagi, noShuni, no-Esiboni, no-Eri, no-Arodi, no-Areli.
17. Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo; amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli.
18. Yilawo angamadodana kaZilipa uLabani amnika yena uLeya indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe, abantu abayishumi nesithupha.
19. Amadodana kaRaheli umkaJakobe: ngoJosefa noBenjamini.
20. KuJosefa kwazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.