Ugenesise 44:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ayesethi kuyo: “Inkosi yami ikhulumelani amazwi anjengalawa? Akube kude nezinceku zakho ukwenze njalo.

8. Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na?

9. Lowo wasezincekwini zakho eyakutholwa kuye, makafe yena, thina sibe yizigqila zenkosi yami.”

10. Yathi: “Kalokhu makube njengamazwi enu; lowo ezakutholakala kuye makabe yisigqila sami, nina ningabi nacala.”

11. Ayeseshesha ukwehlisela phansi, kwaba yileyo naleyo isaka layo, yileyo naleyo yavula isaka layo.

12. Yanyalula, yaqala ngenkulu yagcina ngencane; indebe yatholwa esakeni likaBenjamini.

Ugenesise 44