Ugenesise 44:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayala inceku yendlu yakhe, wathi: “Gcwalisa amasaka alawa madoda ngokudla okulingene namandla abo okuthwala, ufake imali yalowo nalowo emlonyeni wesaka lakhe.

2. Ufake indebe yami, indebe yesiliva, emlonyeni wesaka lomncane kanye nemali yamabele akhe.” Yenza-ke njengezwi likaJosefa alishilo.

3. Ngakusasa nxa sekusile, amadoda amukiswa, wona nezimbongolo zawo.

Ugenesise 44