Ugenesise 43:32-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Bambekela ukudla ngokwakhe, nalabo ngokwabo, nabaseGibithe abadla naye ngokwabo, lokhu abaseGibithe bangedle namaHeberu, ngokuba kuyanengeka kubo abaseGibithe.

33. Bahlala phambi kwakhe, izibulo njengobuzibulo balo nomncane njengobuncane bakhe; abantu bamangala omunye nomunye.

34. Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe, kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo. Baphuza, bathokoza naye.

Ugenesise 43