15. Amadoda ayesethatha leso sipho nemali ephindwe kabili esandleni sawo kanye noBenjamini, asuka ehlela eGibithe, ema ebusweni bukaJosefa.
16. UJosefa esembona uBenjamini enabo, wathi kophezu kwendlu yakhe: “Ngenisa lawa madoda endlini, uhlabe, ulungise, ngokuba lawa madoda ayakudla nami emini.”
17. Lowo muntu wenza njengalokho eshilo uJosefa; inceku yawangenisa amadoda endlini kaJosefa.
18. Amadoda esaba, ngokuba angeniswa endlini kaJosefa, athi: “Singeniswe lapha ngenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu kuqala ukuba asizume, asehlele, asenze izigqila kanye nezimbongolo zethu.”
19. Asondela-ke encekwini yendlu kaJosefa, akhuluma kuyo ngasemnyango wendlu,
20. athi: “O nkosi, ngempela safika kuqala ukuthenga ukudla.
21. Kwathi sesifike endlini yezihambi, savula amasaka ethu; bheka, imali yalowo nalowo yayisemlonyeni wesaka lakhe, imali yethu ngokulinganiswa kwayo; sesiyibuyisile ngesandla sethu.
22. Sehle nenye imali esandleni sethu ukuba sithenge ukudla; asazi ukuthi ngubani owayifaka imali yethu emasakeni ethu.”
23. Yayisithi kubo: “Ukuthula makube kinina; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphe igugu emasakeni enu; imali yenu ngayithola.” Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo.
24. Inceku yayisingenisa amadoda endlini kaJosefa, yawanika amanzi; ageza izinyawo zawo; yazipha izimbongolo zawo ukudla.
25. Alungisela uJosefa isipho, ezofika emini, ngokuba ayezwile ukuthi ayakudla khona.
26. UJosefa esefike ekhaya, ayisa kuye endlini isipho esasisesandleni sawo, akhothamela phansi kuye.