Ugenesise 42:2-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.”

3. Base behla abafowabo bakaJosefa abayishumi, baya kuthenga amabele eGibithe.

4. Kepha uBenjamini umfowabo kaJosefa uJakobe akamthumanga nabafowabo, ngokuba wathi: “Angahle ehlelwe ngokubi.”

5. Ayesefika amadodana ka-Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ababefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani.

Ugenesise 42