2. Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.”
3. Base behla abafowabo bakaJosefa abayishumi, baya kuthenga amabele eGibithe.
4. Kepha uBenjamini umfowabo kaJosefa uJakobe akamthumanga nabafowabo, ngokuba wathi: “Angahle ehlelwe ngokubi.”
5. Ayesefika amadodana ka-Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ababefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani.
6. UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.
7. UJosefa wabona abafowabo, wabazi, kepha wazishaya ongabaziyo kubo, wakhuluma kalukhuni kubo, wathi kubo: “Nivelaphi na?”Bathi: “Sivela ezweni laseKhanani, size ukuthenga ukudla.”
8. UJosefa wabazi abafowabo, kepha bona abamazanga.
9. UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.”
10. Bathi kuye: “Qha, nkosi, izinceku zakho zize ukuba zithenge ukudla.
11. Sonke singamadodana andodanye; singabantu abaqotho; izinceku zakho aziyizo izinhloli.”
12. Wathi kubo: “Qhabo, nize ukubona ubuze bezwe.”
13. Base bethi kuye: “Thina zinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba manje, enye ayisekho.”
14. UJosefa wathi kubo: “Yikho lokhu engikushilo kini ukuthi niyizinhloli.
15. Niyakuvivinywa ngalokhu, kuphila kukaFaro, aniyikumuka lapha, kuphela uma umfowenu omncane efika lapha.
16. Thumani omunye wenu, amlande umfowenu; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.”
17. Wababutha bonke ukuba balindwe izinsuku ezintathu.
18. Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.
19. Uma ningabaqotho, makuboshwe omunye wabafowenu endlini yokulindwa kwenu, kepha hambani nina, nibuyele namabele endlala yezindlu zenu,
20. nilethe umfowenu omncane kimi, kuqiniswe amazwi enu, nize ningafi.” Benze njalo.