12. Emva kwezinsuku eziningi yafa indodakazi kaShuwa umkaJuda; eseduduzekile uJuda wakhuphuka, waya kubo abagundi bezimvu zakhe eThimna, yena kanye nomhlobo wakhe uHira wase-Adulamu.
13. Kwatshelwa uTamari ukuthi: “Bheka, uyihlozala uyakhuphukela eThimna ukuyogunda izimvu zakhe.”
14. Wayesekhumula izingubo zakhe zobufelokazi, wagubuzela, wazimboza, wahlala esangweni lase-Enayimi ngasendleleni eya eThimna, ngokuba wabona ukuthi uShela usekhulile, engamnikwa nokho abe ngumkakhe.
15. UJuda esembona wacabanga ukuthi uyisifebe, ngokuba wayegubuzele ubuso.