Ugenesise 36:33-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.

34. Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.

35. Wafa uHushamu; uHadadi indodana kaBedadi owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.

36. Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.

37. Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngasemfuleni waba yinkosi esikhundleni sakhe.

38. Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Ugenesise 36