Ugenesise 36:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu ongu-Edomi.

2. U-Esawu wazithathela abafazi kuwo amadodakazi aseKhanani: u-Ada indodakazi ka-Eloni umHeti, no-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni umHivi,

3. noBasemati indodakazi ka-Ishmayeli, udadewabo kaNebayoti.

4. U-Ada wamzalela u-Esawu u-Elifazi; uBasemati wazala uRehuweli;

5. u-Oholibama wazala oJewushe, noJalamu, noKora; lawo angamadodana ka-Esawu azalelwa wona ezweni laseKhanani.

6. U-Esawu wathatha omkakhe, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nabantu bonke bendlu yakhe, nemfuyo yakhe, nezinkomo zakhe, nempahla yonke yakhe owayeyizuze ezweni laseKhanani, waya ezweni elikude nomfowabo uJakobe.

7. Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye, nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo.

Ugenesise 36