4. Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki* elalingaseShekemi.
5. Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.
6. UJakobe wafika eLuze elisezweni laseKhanani eliyiBethele, yena kanye nabantu bonke ababe naye.
7. Wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi i-Eli Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo.
8. UDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki;* igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti.*
9. UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani Aramu, wambusisa.
10. UNkulunkulu wathi kuye:“Igama lakho linguJakobe,igama lakho alisayikuthiwa uJakobe;igama lakho lizakuba ngu-Israyeli,”wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli.
11. UNkulunkulu wathi kuye:“NginguNkulunkulu uSomandla;mawuzale, wande;isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe;amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;