17. Kepha uma ningasilaleli, nisokwe, siyakuthatha indodakazi yethu, sihambe.”
18. Amazwi abo aba mahle koHamori noShekemi indodana kaHamori.
19. Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise.
20. OHamori noShekemi indodana yakhe beza ngasesangweni lomuzi, bakhuluma namadoda omuzi wabo, bathi: