Ugenesise 32:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJakobe wahamba indlela yakhe; izingelosi zikaNkulunkulu zamhlangabeza.

2. UJakobe ezibona wathi: “Lokhu kuyibandla likaNkulunkulu.” Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.*

3. UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.

Ugenesise 32