43. ULabani waphendula, wathi kuJakobe: “Amadodakazi angamadodakazi ami, abantwana bangabantwana bami, imihlambi iyimihlambi yami; konke okubonayo kungokwami; lawa madodakazi ami ngingawenzela ntoni namuhla, nabantwana bawo abazalileyo, na?
44. Woza manje, senze isivumelwano mina nawe, sibe ngufakazi phakathi kwami nawe.”
45. UJakobe wayesethatha itshe, walimisa laba yinsika.
46. Wathi uJakobe kubafowabo: “Buthani amatshe,” bathatha amatshe, benza inqwaba; base bedla khona phezu kwenqwaba.
47. ULabani wayiqamba ngokuthi iJegari Sahadutha,* kepha uJakobe wayibiza ngokuthi iGaledi.*
48. Wathi uLabani: “Le nqwaba ingufakazi phakathi kwami nawe namuhla.” Ngalokho igama layo laqanjwa ngokuthi iGaledi,
49. neMispa futhi, ngokuba wathi: “UJehova makalinde phakathi kwami nawe, lapho sesingasabonani.
50. Uma uyakuhlupha amadodakazi ami, noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.”
51. Wathi uLabani kuJakobe: “Bheka, le nqwaba nensika engikumise phakathi kwami nawe,
52. le nqwaba ayibe ngufakazi, nensika ibe ngufakazi ukuthi angiyikudlula kule nqwaba, ngiye kuwe, nokuthi wena awuyikudlula kule nqwaba nakule nsika, uze kimi, ngokubi.
53. UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu.”UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka.