Ugenesise 31:2-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. UJakobe wabona ubuso bukaLabani; bheka, babungasenjengayizolo nakuthangi kuye.

3. UJehova wayesethi kuJakobe: “Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; ngiyakuba nawe.”

4. UJakobe wathuma wabiza oRaheli noLeya, beze endle emhlambini wakhe.

5. Wathi kubo: “Ngiyabubona ubuso bukayihlo ukuthi abusenjengayizolo nakuthangi kimi, kepha uNkulunkulu kababa unami.

Ugenesise 31