Ugenesise 31:11-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ingelosi kaNkulunkulu yathi kimi ephusheni: ‘Jakobe!’ Ngathi: ‘Ngilapha.’

12. Yayisithi: ‘Awuphakamise amehlo akho, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.

13. NginguNkulunkulu waseBethele, lapho wagcoba khona insika nalapho wenza isithembiso kimi; manje vuka, usuke kuleli zwe, ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.’ ”

14. ORaheli noLeya baphendula, bathi kuye: “Sisenesabelo nefa endlini kababa na?

15. Asibalwanga njengabofakazi na? Ngokuba wathengisa ngathi, waqeda intengo yethu.

16. Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu amamuke yona ubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshele khona, kwenze.”

17. UJakobe wayesesuka, wakhwelisa amadodana akhe nawomkakhe emakameleni.

18. Wathatha yonke imfuyo yakhe ayizuzileyo, imfuyo yokufuya kwakhe ayizuze ePhadani Aramu ukuba aye ku-Isaka uyise ezweni laseKhanani.

19. ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.

20. UJakobe wamnyenyela uLabani umAramu engamtshelanga ukuthi uyabaleka.

Ugenesise 31