Ugenesise 30:41-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

41. Kwathi lapho ibiyakumitha imihlambi eqinileyo, uJakobe wabeka izinti phambi kwamehlo emihlambi emiqengqeni ukuba imithe phakathi kwezinti.

42. Kepha lapho umhlambi wawubuthakathaka, akazifakanga; yathi-ke ebuthakathaka yaba ngekaLabani neqinileyo yaba ngekaJakobe.

43. Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.

Ugenesise 30