Ugenesise 29:26-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Wathi uLabani: “Akwenziwa njalo endaweni yakithi ukuba kuganiswe omncane ngaphambi komkhulu.

27. Qeda isonto lalona, sikuphe nomunye ngomsebenzi osezakuwusebenza kimi eminye iminyaka eyisikhombisa.”

28. UJakobe wenze njalo, waqeda isonto lakhe; wamupha uRaheli indodakazi yakhe, abe ngumkakhe.

29. ULabani wanika indodakazi yakhe uRaheli incekukazi yakhe uBiliha, abe yincekukazi yakhe.

30. Wangena nakuye uRaheli, wathanda uRaheli kakhulu kunoLeya; wayesesebenza kuye eminye iminyaka eyisikhombisa.

31. UJehova ebona ukuthi uLeya uyazondwa, wavula isizalo sakhe; kepha uRaheli wayeyinyumba.

32. ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.”

33. Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Lokhu uJehova ezwe ukuthi ngiyazondwa, ungiphile nalena futhi,” waqamba igama layo ngokuthi uSimeyoni.

Ugenesise 29