14. ULabani wathi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” Wahlala kuye inyanga yonke.
15. ULabani wayesethi kuJakobe: “Lokhu ungumfowethu, ubuzakungisebenzela ngeze na? Ngitshele ukuthi umvuzo wakho uyakuba yini na?”
16. ULabani wayenamadodakazi amabili; igama lenkulu lalinguLeya, igama lencane lalinguRaheli.
17. Amehlo kaLeya ayebuthakathaka, kepha uRaheli wayemuhle ngesimo, ebukeka kahle.
18. UJakobe wamthanda uRaheli; wathi: “Ngizakukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.”